Umcebo
ZU

Umcebo লিরিক্স

ধরনSoul
মূল ভাষাZU
ভিউ17
Aaপাঠ সেটিং
টেক্সট সাইজ 18

মূল লিরিক্স

ZU
Translation not available yet. Showing the original lyrics.
Mabacel' u, mabacel' umcebo Webaba mabecela kuwe Bacela amandla, bacel' umcebo Mina ngcel' uthando nenhlakanipho, mhh Webaba mabecela kuwe Bacela amandla, bacel' umcebo Mina ngcel' uthando nenhlakanipho Ngith' umcebo wemali endodeni Engenalo uthando udala umona, nenzondo Kugcina kuphuma imphefumulo Ay'ngozi amandla asezandleni zendodeni engenayo inhlakanipho Sebenzisa ngendlel' e-wrong Kugcina kuphuma imphefumulo Ngicela isibusiso engiyophila naso ingunaphakade Ngoba lokhu kwasemhlabeni ngeke ngihambe nakho kuyasala 'Th' Ayipheleli ekufeni impilo ayipheleli emgodini, weh Ungakhohlwa ukuthi usazoba idlozi emdenini wakho Baba ngicela inhliziyo eyamukelayo Ngizokwazi ukbhekana nezimo ez'ngehlelayo Webaba mabecela kuwe Bacela amandla bacel' umcebo Mina ngcel' uthando nenhlakanipho, mhh Webaba mabecela kuwe Bacela amandla bacel' umcebo Mina ngcel' uthando nenhlakanipho, mhh Ngith' umcebo wemali endodeni Engenalo uthando udala umona, nenzondo Kugcina kuphuma imphefumulo Ay'ngozi amandla asezandleni zendodeni engenayo inhlakanipho Sebenzisa ngendlel'ewrong Kugcina kuphuma imphefumulo

Sjava এর আরও গান

Sjava →

সম্পর্কিত লিরিক্স